Khulekani On Wheels
    • Car Reviews
    • Car News
    • Electric
    • Videos
    • Travel
    • About
    • Contact

    Sishayela iFord Fiesta ST200

    By khulekani / on October 8th, 2017 / in Car Reviews, featured

    Sishayela iFord Fiesta ST200

    By khulekani / on October 8th, 2017 / in Car Reviews, featured

    Khona izimoto oke uzibuze ukuthi zithengwa ngobani uma ubona amanani azo. Uke uzibuze futhi ukuthi kazi umnikazi akazibonanga yini ezinye izimoto ezinkulu kunayo. Kodwa khona osuke ungakucabanganga, lokho ukuthi izimoto sizithengela izizathu ezihlukene. Khona abachazwa ukuthi imoto yabo incane futhi iyagijima yize ibukeka ibiza. Lapha ngikhuluma ngabanikazi bamaVW Polo GTI nomaFord Fiesta ST. Lezizimoto ziyabiza, iFord Fiesta iqala kuR325,000. Leli nani lingaphezu kweFord Focus eshibhe kunawo wonke yize iFord Focus inkulu. Kodwa uma ubuka izinto kanje, ungaze ukhohlwe ubumnandi beFord Fiesta ST nobempilo. Futhi akusibo bonke abantu abadinga izimoto ezinkulu kunalezi abazithengayo.

    Ubumanandi bezimoto ezincane ezigijimayo sibuzwe ngeFord Fiesta ST200 esisanda kuyishayela. Lemoto yenziwe uFord ukubungaza lamaFord Fiesta ST akhona ngoba sekuza amasha. Uma ucabanga ukuthi iFord Fiesta ST iyakuchaza, cabanga into oyithanda kakhulu ongacabangi ukuthi ingaba ngcono kunalokhu eyikho kodwa ivele iba ngcono kakhulu. Yize iFord Fiesta ST200 ibiza uR14,000 ngaphezulu kweFord Fiesta ST ejwayelekile, inokuchaza okungale kwalena ejwayelekile.

    Ngaphandle, iFord Fiesta ST200 ihluka ngombala wayo ometalic okuthiwa uStorm Grey, amasondo awu17-inch, nezicathulo zamabhleki ezibomvu kanye nemibhalo ethiST200. Uma uvula umnyango wemoto ubingelelwa imibhalo ekhanyayo ebhalwe ukuthi ST200. Phakathi khona izihlalo zizimoto ezigijimayo ezakhiwa inkampani yakwaRecaro, ezineleather futhi okwazi nokuzifudumeza. Ngemuva, uFord ufake ikhamera kanye namasensa okuhlehla. Imibhalo kaFord Fiesta ST200 awuyisweli ngaphakathi kwalemoto okwenza ithandeke kakhulu.

    Umkhuba ungaphakathi kwenjini yeFord Fiesta ST200. Lemoto ehamba ngenjini ethenjwe kakhulu kwaFord eyi1.6 litha EcoBoost, inamandla angu 147 kW. Lokhu kuchaza ukuthi amandla ayo athe xaxa ngama kW awu 13 kune Ford Fiesta ST ejwayelekile. IFiesta ST200 isuka ku 0-100 k/m kumasekhondi awu 6,7. Usazibuza ukuthi abantu abahamba ngalezi zimoto ezincane ezigijimayo bazithandelani?

    Ukushayela lemoto kujabulisa kakhulu. Amandla ayo uwezwa uyiqala kodwa kumele ugade ibhleki ngoba uthi ususa kancane unyawo kwiklashi ibe isifuna kuhamba. Amandla ayo akhona kuwo wonke amagiya. Uma ukade usesivinini esiphezulu, ukwenciphisa isivinini akusho ukuthi kumele uye emagiyeni aphansi ngokushesha. Lemoto ibambeka kahle futhi emakhoneni kanti namabhleki abamba eduze uma kudingeka uyibambe eduze. Yize lemoto ibaleka kodwa iyashayeleka kahle ezimweni ezijwayelekile zomgwaqo. Ngenkathi ngiyihlola ngabe sengijwayele ukuya ngayo emsebenzini ngingaxakwa amandla enawo. Yize lemoto ineminyango emibili yabagibeli, kuyahlaleka unethezele ngemuva. Nebhuthi ayincane kakhulu. Ngingathi ikahle uma iqhathaniswa nezimoto ezingangayo.

    IFord Fiesta ST200 ibiza uR339,900. Lemali ikutholela iwaranti yeminyaka emine noma yamakhilomitha awu 120,000 kanye neplani lokusevisa leminyaka emine noma amakhilomitha awu 60,000.

     

    Categories: Car Reviews, featured  /  Tags: izimoto shayela
  • Comment

  • Leave a comment Cancel

    Leave a comment
  • Comment
  • Find Us

    Address
    123 Main Street
    London EC1 4UK

    Hours
    Monday—Friday: 9:00AM–5:00PM
    Saturday & Sunday: 11:00AM–3:00PM


  • Next articleBrian restores 1979 Landy

      By Brian Denny My grandfather's business of which my father was managing direct...

  • Previous articleGet active with the new Nissan Micra Active

      By Sala Masindane (@salaontop) Let’s face it, there’s nothing more daunting th...

  • More & Related Articles

    Sleek New Audi A3 Sportback revealed

    By Staff Reporter Audi has revealed the fourth generation A3 premium compact hatchback which is set to debut in 2021. The new A3 from Ingolstadt enters its fourth...

    Toyota South Africa announces July sales figures

    By Otsile Kadiege Despite experiencing stock shortages attributable to production disruption at the Prospecton Plant in Durban, Toyota South Africa Motors (TSAM) continues to top the sales charts....

    All-new Isuzu mu-X revealed

    By Otsile Kadiege Ever since its inception in 2013, Isuzu’s mu-X has offered consumers a good value for money mid-size SUV which competes with the likes of Ford’s...

    Why the Geely E5 EM-i Apex left a positive impression

    By Malusi Msomi As more plug-in hybrids enter the South African market, buyers are finding themselves spoilt for choice. The latest contender is the Geely E5 EM-i Apex,...

    Preview: Volvo XC40 in South Africa

    We talk to Greg Maruszewski, MD of Volvo Car South Africa, about Volvo’s XC40 to be launched in South Africa in 2018.

    OMODA introduces the C7, positioned between C5 X Series and C9

    By Staff Reporter OMODA South Africa has added a new model to its local line-up, the C7. Positioned between the C5 X Series and the larger C9, the...

    Imminent new Volkswagen Taigo local specification announced

    By Otsile Kadiege Volkswagen South Africa has announced the local specification for the soon to be launched VW Taigo which is positioned between the T-Cross and the T-Roc...

    We drive the Bruce Wayne ready Audi RS 6 Avant Performance

    By Sala Masindane In the era of electrical vehicles, it is always exciting for a petrol head to test the last of the dying unicorns and in this...

    © 2026 Khulekani On Wheels - Managed by Tech Matters