Khulekani On Wheels
    • Car Reviews
    • Car News
    • Electric
    • Videos
    • Travel
    • About
    • Contact

    Sishayela iSuzuki Celerio

    By khulekani / on October 18th, 2017 / in Car Reviews, featured

    Sishayela iSuzuki Celerio

    By khulekani / on October 18th, 2017 / in Car Reviews, featured

     

    Kuthi akubenzinyana ukukhuluma ngento noma ngomuntu owazi ngemiklomelo yakhe. Kubesekwazi vele ukuthi lento noma lowo muntu uyathandeka. ISuzuki Cilerio ifike kithi seyaklonyeliswa ngokuba yimoto encane evelele yonyaka abakwaCars.co.za. Lapha ishaye emakhanda iRenault Sandero kanye neToyota Aygo. Ungazibuza uziphendule ukuthi iqhathaniswa kanjani neRenault Sandero enkulu kunayo? Imibandela eyabe ibekiwe kwabe kuwukuthi imoto kufanele ibe ngaphansi kuka R160,000 futhi kuleli nani kube khona iABS kanye nama-airbag. Okunye okwakubukwa amajaji ukuthi imoto iwudla kangakanani u-petrol, uthola okungakanani kulemoto ngenani layo, kulula kanjani ukuyisebenzisa kanye nokwethembeka kwabakhi bayo. Singathi kuloluhlu lokugcina, akubanga inkinga kwazise phela abakwaSuzuki baphuma phambili njenge nkampani yezimoto evelele kulemiklomelo yakwaCars.co.za.

    Ngaphandle iSuzuki Celerio ithi ayifane nazo zonke zimoto ezincane. Okuthi akuhluke ngayo wukuthi yona ibukeka inkudlwana futhi iphakeme kunalezi ezinye izimoto ezincane. Lokhu bukhudlwana beCelerio ubuzwa ngisho usuphakathi kwayo. Nebhuthi yeCelerio iyamangaza. Ithe ukuba nkudlwana kunezinye zalezizimoto ezincane.

    Ngaphakathi iSuzuki Celario yakhiwe kahle. Noma kukhona amaplastiki amaningi aqinile kwidash board, lamaplastiki angawomgangatho okhombisa ukuthi ngeke asheshe aguge. Okunye ukuthi iSuzuki Celerio GL lena ebesiyishayela iphuma isinezinto eziningi okungamele uzikhokhele njengamawindi kagesi, amalambu enkungu, iradio edlala amaMP3 futhi ivumele izingoma zidlale kwibluetooth. Yize ukwazi ukuthi uyikhiye nge-immobiliser iCelerio, ayikwazi ukuzikhiya yona uma uyishayela. Kumele ukhumbule ukuyikhiya wenamathupha. Nokho lokhu asikuthokozelanga kwazise phela ukuthi izwe aliphephile. Impela singamane singabi nezinkinombo esitelingini ezikwazi ukunyusa nomazehlise umsindo emotweni kunokuthi sibe emotweni engakwazi ukuzikhiya. Okunye okungasishayanga umxhwele kwiCelerio wukuthi isitulo somshayeli asinayo into yokunqikisa ikhanda ehamba yodwa. Lokhu kusho ukuthi uma uthe ukuba mude, into lena yokubeka ikhanda eyakhelwe esitulweni, igcine ithinta kabi intamo yakho futhi ingakuniki indawo eyanele yokunqikisa ikhanda lakho.

    Esikuthande kakhulu kuCelerio lena ebesiyivivinya, amandla enjini yayo kanye nokuthi ayiwudli kakhulu u-petrol. Amanye amaSuzuki kanye nezinye izimoto ezincane esike sizishayele, zidinga ukuthi sishintshe kaningana kuze sigcine imoto inamandla anele. Khohlwa yilokho ngeCelerio. Injini yayo enamandla awu50kW iyakumamngaza. Ikwazi ukubamba amandla ngendlela ejabulisayo. Lokhu ukubona ngisho uhamba kuthela wayeka. Isivinini esisemthethweni sika120 isibamba kuthule umoya. Akubi ngathi uyayihlukumeza lemoto encane. Okujabulisa ukudlula okuningi ukuthi iCelerio ayiwudli kakhulu u-petrol. Abakwa Suzuki bathi idla u4,7 litha kumakhilomitha awu100 osuke uwahambile. Kithi yathi xaxa kunalo4,7 kodwa yabe iselokhu iphansi kakhulu.

    Amanani amaSuzuki Celerio akhona eMzansi Afrika abiza kanje:

    Celerio 1.0i GA MT – R133,900
    Celerio 1.0i GL MT – R150,900
    Celerio 1.0i GL AMT – R164,900

    Amanani e-Suzuki Celerio 1.0i GL MT kanye neCelerio 1.0i GL AMT akunikeza i-service plan yeminyaka emibili noma amakhilomitha awu30,000 kanye ne-warranty yamakhilomitha awu100,000 noma izinyanga eziwu36. Iwarranty iyatholakala nakuCelerio 1.0i GA MT.

    Categories: Car Reviews, featured  /  Tags: Siyashayela Izimoto Imoto
  • Comment

  • Leave a comment Cancel

    Leave a comment
  • Comment

  • Next articleGallery: Mercedes Benz X-Class Media Launch in Chile

    ...

  • Previous articleDriven: Mercedes Benz Vito Panel Van

    They say small businesses are the backbone of the economy and indeed they are. Not only do ...

  • More & Related Articles

    Local Kia Picanto range revised with added safety features

    By Staff Reporter The Kia Picanto has been a stalwart of not only the Kia brand locally but also the segment with many Kia Picantos finding homes in...

    Launched: 2020 Honda Ballade Sedan

    By Khulekani Dumisa The sedan segment is under pressure due to the onslaught of SUVs but a few of these cars remain resilient and are pulling decent numbers....

    Toyota RAV4 Hybrid gets GR Sport treatment

    By Otsile Kadiege Toyota has spruced up the RAV4 range with the addition of the new GR Sport model derivative. Like with other GR Sport models in Toyota’s...

    We drive the new Tiago Life 1.0 TSI DSG

    By Sala Masindane It is almost unthinkable that Volkswagen has taken so long to manufacture an SUV coupé. Why do you ask? Well, it is not the leading...

    We drive the Volvo XC60 R-Design D5 AWD

    By Khulekani Dumisa Recently we had the privilege of spending time with the Volvo XC60 R-Design D5 AWD. We have spent time with the XC60 but it was...

    Meet the all-new Ferrari Daytona SP3

    By Otsile Kadiege Ferrari has unveiled their second addition to the Icona Series, the all-new Daytona SP3. The limited-edition Targa model draws its inspiration from from legendary 1960s...

    Toyota unveils first-ever, luxurious Century SUV

    By Otsile Kadiege The Century nameplate debuted back in 1967 as Toyota’s premium chauffeur-driven car. Until then, the Japanese chauffeur car market had been dominated by Western luxury...

    Stunning new Renault Rafale breaks cover

    By Otsile Kadiege Renault has lifted the veils off the all-new Rafale. It’s a stunning coupe-like D-segment SUV which is the French automaker’s new flagship SUV model. The...

    COVID-19

    STAY INFORMED ABOUT THE CURRENT CORONAVIRUS IN SOUTH AFRICA AND VISIT THE OFFICIAL COVID-19 WEBSITE: WWW.SACORONAVIRUS.CO.ZA


    © 2023 Khulekani On Wheels - Managed by Tech Matters