Khulekani On Wheels
    • Car Reviews
    • Car News
    • Electric
    • Videos
    • Travel
    • About
    • Contact

    Sishayela iNissan Navara

    By khulekani / on Nov 30th, 2017 / in Car Reviews, featured

    Sishayela iNissan Navara

    By khulekani / on Nov 30th, 2017 / in Car Reviews, featured

    Kumatasa kwezamaveni kwazise ukuthi yiwona adayisa kakhulu ukudlula zonke izimoto eMzansi Afrika. Bonke abadayisi bezimoto abakhulu babanga abathengi abathanda lezi zimoto. UNissan njengomunye walaba badayisi abaqavile ukhiphe iNavara entsha kuze ezothola amakhasimende kulesisigaba semboni yezimoto. INavara isemuva koToyota Hilux, Ford Ranger kanye ne-Isuzu KB ngokudayiswa kodwa lokhu akusho ukuthi akusiyo iveni yeqophelo eliphezulu. Uzonaka ukuthi okwamanje iNavara isatholakala ngedouble cab kuphela futhi nangenjini eyodwa ye2.3 kadizili kuphela. Lokhu kunomthelela omkhulu ekudayisweni kwayo uma iqhathaniswa namanye amaveni ebanga nawo amakhasimende.

     

    Injani iNavara entsha?

    UNissan usebenze kanzima ukwenza iNissan Navara entsha ibukeke. Ngaphandle lokhu kubonakala kakhulu ngaphambili kwigrille, nakubhampa kanye namathoshi amasha enza iNavara ibukeke inkulu kunalokhu eyikho. Eceleni inolayini abayenza ibukeke iyisidlakela esingenawo umzimba onamafutha. Nangemuva iyabukeka iNavara ngenxa amathoshi enziwe ngayo. Made futhi avela emaceleni.

    Ngaphakathi yakhiwe ngezinto zeqophelo eliphezulu. Uzwa uyithinta ukuthi lemoto ithuthuke kakhulu uma iqhathaniswa nalena eyikhiphayo. Esikuthakasele kakhulu yiinfotainment yakhona okwazi ukuyisebenzisa ngokuyithinta kanye nangezinkinobho ezisesistelingini. Akupheli lapho, ave iningi indawo ngaphakathi kweNissan Navara. Akusiye kuphela umshayeli nomgibeli wangaphimbili abahlala benethezeke kodwa nabagibeli abangemuva bahlala bekhululeke. Abagibeli abahlali bakhululeke kuphela kodwa bahlala nangokunethezeka kwazise uNissan usebenzise ishesi yeqophelo eliphezulu kuNavara. Leshesi yenza iNavara ibe ngenye yamaveni anethezeke kakhulu eNingizimu Afrika. Uze ukhohlwe ukuthi usevenini. Ukhunjuzwa injini kadisili ibiqubula kodwa hhayi ngendlela enomsindo omkhulu kwazise uNissan usebenzekakhulu ukuthi iNavara ingangenisi kakhulu umsindo wangaphandle ngaphakathi. Umzimba weNavara mukhulu yikho uNissan efake ikhamera ngemuva ukwenzela uphephe kodwa sicabanga ukuthi ububanzi bayo bangaphambili budinga okungenani uNissan afake ikhamera yangaphambili noma amasensa.

    Kunjani ukuyishayela?

    Sesiyishayele amahlandla amaningana iNissan Navara kodwa sonke isikhathi besilokhu sishayela injini yeautomatic esiyithanda kakhulu kwazise inamandla. Kulokhu sishintshe amagiya sashayela imanual okuthiwa i2.3D LE 4×4 MT Double Cab. Nayo imanual isebenzisa injini efanayo nale ekwiautomatic okuyi i2.3 kadisili. Lenjini yemanual enamagiya ayisithupha siyithakasele kakhulu ngendlela ekunika ngayo amandla. Lawa mandla akhona nasemagiyeni aphezulu. Awuzitholi kumele ulokhushintsha ngokwehlisa amagiya uma kufanele udlule imoto kuthela wayeka. Esikunakile ukuthi amagiya u,1,3 kanye no5 baseduze kakhulu noneutral. Kanti lawa amanye enziwe ngendlela ejwayelekile. Nokho lokhu kuyashesha ukujwayeleka.

    Uma ufuna idouble cab yeqophelo eliphezulu enamandla futhi enethezekile uyobe ungashayanga eceleni uma ukethe iNissan Navara entsha.

    Amanani eNavara anje:

    2.3 SE 4×4 MT Double Cab:              R518,900

    2.3D LE 4×4 MT Double Cab:            R567,900

    2.3 LE 4×4 AT Double Cab:                R597,900

    Amanani afaka iservice plan yeminyaka ewu3 year noma u90,000 km kanye newaranti yeminyaka ewu 6 noma u150,000 km.

    Categories: Car Reviews, featured  /  Tags: Nissan Navara Bakkie Imoto Shayela
  • Comment

  • Leave a comment Cancel

    Leave a comment
  • Comment

  • Next articleShot left to Hazyview with the Renault Duster

    The Duster I would be lying if I said that this car has striking good looks, but it wasn...

  • Previous articleLaunched: All new BMW X3

    By Sala Masindane The season for letting your hair down is upon us. On the social media ...

  • More & Related Articles

    Launched: Totally Ungovernable All New BMWX2

    You think outside of the box, you are sooo different, we don’t get you, you are on your own mission, you don’t conform, basically you are TOTALLY UNGOVERNABLE!...

    Ford gives EcoSport 1.5 Ambiente an Auto, bumps up spec on Trend and Titanium models

    By Staff Reporter The entry-level EcoSport Ambiente has received an automatic transmission thus offering more options for buyers buying at the bottom of the segment. Introduced in 2013,...

    Limited edition Ford Mustang California Special heading to SA

    By Otsile Kadiege Ford’s Mustang is a high-performance car that needs no introduction. The latest iteration was revealed to the world back in 2015. Throughout its lifetime it...

    Volkswagen Transporter range updated

    By Khulekani Dumisa The Volkswagen Commercial Vehicles T-Series range has been refreshed. The facelifted Transporter range consists of the Pick Up (Single and Double cab), Panel Van, Crew...

    467 kW W12 Bentley Flying Spur Speed Unveiled

    By Malusi Msomi When Bentley adds “Speed” to their models, you know they mean business. Sitting above the Bentley Flying Spur S, the “Speed” has had a power...

    New Ranger Raptor hits Mzansi

    One of the highly anticipated bakkies (actually, cars) of 2019 has just been launched in South Africa. The imposing Ranger Raptor with 51mm taller ride height, 283mm ground...

    We drive BMW’s sporty and fuel efficient 220d M Sport Coupé

    By Sala Masindane The BMW 2 Series had always felt like a bigger 1 Series and had character that struggled for existence. Those feeling were changed by the...

    We drive the Honda Amaze 1.2 Comfort CVT Auto

    By Sala Masindane SUVs and hatches are taking over and is it increasingly becoming more difficult to sell sedans. The problem is that certain SUVs are out of...

    COVID-19

    STAY INFORMED ABOUT THE CURRENT CORONAVIRUS IN SOUTH AFRICA AND VISIT THE OFFICIAL COVID-19 WEBSITE: WWW.SACORONAVIRUS.CO.ZA


    © 2023 Khulekani On Wheels - Managed by Tech Matters