Khulekani On Wheels
    • Car Reviews
    • Car News
    • Electric
    • Videos
    • Travel
    • About
    • Contact

    Sishayela iNissan Navara

    By khulekani / on November 30th, 2017 / in Car Reviews, featured

    Sishayela iNissan Navara

    By khulekani / on November 30th, 2017 / in Car Reviews, featured

    Kumatasa kwezamaveni kwazise ukuthi yiwona adayisa kakhulu ukudlula zonke izimoto eMzansi Afrika. Bonke abadayisi bezimoto abakhulu babanga abathengi abathanda lezi zimoto. UNissan njengomunye walaba badayisi abaqavile ukhiphe iNavara entsha kuze ezothola amakhasimende kulesisigaba semboni yezimoto. INavara isemuva koToyota Hilux, Ford Ranger kanye ne-Isuzu KB ngokudayiswa kodwa lokhu akusho ukuthi akusiyo iveni yeqophelo eliphezulu. Uzonaka ukuthi okwamanje iNavara isatholakala ngedouble cab kuphela futhi nangenjini eyodwa ye2.3 kadizili kuphela. Lokhu kunomthelela omkhulu ekudayisweni kwayo uma iqhathaniswa namanye amaveni ebanga nawo amakhasimende.

     

    Injani iNavara entsha?

    UNissan usebenze kanzima ukwenza iNissan Navara entsha ibukeke. Ngaphandle lokhu kubonakala kakhulu ngaphambili kwigrille, nakubhampa kanye namathoshi amasha enza iNavara ibukeke inkulu kunalokhu eyikho. Eceleni inolayini abayenza ibukeke iyisidlakela esingenawo umzimba onamafutha. Nangemuva iyabukeka iNavara ngenxa amathoshi enziwe ngayo. Made futhi avela emaceleni.

    Ngaphakathi yakhiwe ngezinto zeqophelo eliphezulu. Uzwa uyithinta ukuthi lemoto ithuthuke kakhulu uma iqhathaniswa nalena eyikhiphayo. Esikuthakasele kakhulu yiinfotainment yakhona okwazi ukuyisebenzisa ngokuyithinta kanye nangezinkinobho ezisesistelingini. Akupheli lapho, ave iningi indawo ngaphakathi kweNissan Navara. Akusiye kuphela umshayeli nomgibeli wangaphimbili abahlala benethezeke kodwa nabagibeli abangemuva bahlala bekhululeke. Abagibeli abahlali bakhululeke kuphela kodwa bahlala nangokunethezeka kwazise uNissan usebenzise ishesi yeqophelo eliphezulu kuNavara. Leshesi yenza iNavara ibe ngenye yamaveni anethezeke kakhulu eNingizimu Afrika. Uze ukhohlwe ukuthi usevenini. Ukhunjuzwa injini kadisili ibiqubula kodwa hhayi ngendlela enomsindo omkhulu kwazise uNissan usebenzekakhulu ukuthi iNavara ingangenisi kakhulu umsindo wangaphandle ngaphakathi. Umzimba weNavara mukhulu yikho uNissan efake ikhamera ngemuva ukwenzela uphephe kodwa sicabanga ukuthi ububanzi bayo bangaphambili budinga okungenani uNissan afake ikhamera yangaphambili noma amasensa.

    Kunjani ukuyishayela?

    Sesiyishayele amahlandla amaningana iNissan Navara kodwa sonke isikhathi besilokhu sishayela injini yeautomatic esiyithanda kakhulu kwazise inamandla. Kulokhu sishintshe amagiya sashayela imanual okuthiwa i2.3D LE 4×4 MT Double Cab. Nayo imanual isebenzisa injini efanayo nale ekwiautomatic okuyi i2.3 kadisili. Lenjini yemanual enamagiya ayisithupha siyithakasele kakhulu ngendlela ekunika ngayo amandla. Lawa mandla akhona nasemagiyeni aphezulu. Awuzitholi kumele ulokhushintsha ngokwehlisa amagiya uma kufanele udlule imoto kuthela wayeka. Esikunakile ukuthi amagiya u,1,3 kanye no5 baseduze kakhulu noneutral. Kanti lawa amanye enziwe ngendlela ejwayelekile. Nokho lokhu kuyashesha ukujwayeleka.

    Uma ufuna idouble cab yeqophelo eliphezulu enamandla futhi enethezekile uyobe ungashayanga eceleni uma ukethe iNissan Navara entsha.

    Amanani eNavara anje:

    2.3 SE 4×4 MT Double Cab:              R518,900

    2.3D LE 4×4 MT Double Cab:            R567,900

    2.3 LE 4×4 AT Double Cab:                R597,900

    Amanani afaka iservice plan yeminyaka ewu3 year noma u90,000 km kanye newaranti yeminyaka ewu 6 noma u150,000 km.

    Categories: Car Reviews, featured  /  Tags: Nissan Navara Bakkie Imoto Shayela
  • Comment

  • Leave a comment Cancel

    Leave a comment
  • Comment

  • Next articleShot left to Hazyview with the Renault Duster

    The Duster I would be lying if I said that this car has striking good looks, but it wasn...

  • Previous articleLaunched: All new BMW X3

    By Sala Masindane The season for letting your hair down is upon us. On the social media ...

  • More & Related Articles

    Is the Volvo EX30 Cross Country the coolest small EV SUV?

    By Malusi Msomi If the standard Volvo EX30 already felt like the cool, minimalist EV for the city, the Cross Country version is the same car that now...

    New Nissan Qashqai first drive impression

    By Malusi Msomi Now in its third generation, the new Nissan Qashqai has gotten a new look and fresher interior to compete in the highly competitive crossover SUV...

    Driven: all new Hyundai Kona

    By Amanda Mfuphi There is a new entrant in the compact SUV market in South Africa and it has the right ingredients to potentially ruffle some feathers in...

    Gallery: Opel Kadett Superboss

    It’s not often you get to relive your childhood dreams and it’s even rarer to experience both of them at once. Cars.co.za made our childhood dreams a reality...

    We drive Volkswagen’s highly-anticipated Golf 8 R

    By Sala Masindane The Volkswagen Golf 8 R’s place at the top has long been cemented that the previous generation had many iterations to ride the wave.  So...

    Mercedes-Benz SA readies EQ range for SA introduction

    By Otsile Kadiege Pure electric, pure sophistication and modern luxury were the buzzwords at Mercedes-Benz South Africa’s EQ media event we recently attended. It wasn’t an official launch...

    Launched: all-new Hyundai Tucson

    By Malusi Msomi One thing you have to appreciate in this day and age is the Korean design language, they’re never afraid to push the envelope and be...

    Honda eyes Autonomous Vehicle Mobility Service Business in Japan

    By Otsile Kadiege Honda announced that they will start a testing program for autonomous vehicles in September 2021, taking a step toward an autonomous vehicle mobility service (MaaS)...

    © 2026 Khulekani On Wheels - Managed by Tech Matters