Khulekani On Wheels
    • Car Reviews
    • Car News
    • Electric
    • Videos
    • Travel
    • About
    • Contact

    Sishayela iNissan NP200

    By khulekani / on December 19th, 2017 / in Car Reviews, featured

    Sishayela iNissan NP200

    By khulekani / on December 19th, 2017 / in Car Reviews, featured

    Kuthiwani uma inkunzi isisele yodwa esibayeni? Lapha sikhuluma ngeNissan NP200. Lesi sikhondlakhondla sebakkie sekuyisona kuphela esisele sodwa kumabakkie okuthiwa amahalf-tonne eNingizimu Afrika kulandela ukuhoxa ezweni kukaGeneral Motors. Okumangazayo ukuthi mhlasimbe ngabe ayihambi ibakkie yakwaGM ukube isabizwa ngeCorsa Utility futhi isengaphansi kwabakwaOpel. UOpel usazohlala ezweni noma uzobe engasayena inkampani yakwaGM. Kwezezimoto ngeke wazisisa ukuthi kwenzakalani. Abanikazi abasha beOpel, uPeugeot Citroen bamatasa ngebakkie ezodayiswa lapha eAfrika. Ngeke wazi noma leyobakkie yakwaPuegeot iyogcina inobhuti omncane wehalf-tonne ongagcine efike lapha eNingizimu Afrika esibizwa ngeOpel Utiliy. Nokho siyakelelaza, asibuyele odabeni esiphezu kwalo, iNissan NP200.

    INissan NP200 itholakala ngezinjini ezimbili zikapetrol kanye neyodwa kadizili. Ezikapetrol ziyi1.6 eyi8valve kanye ne16valve. Ziyashiyana nangamandla, lena ka8-valve ino 64kW wamandla kanti lena ka16-valve ino 77kW wamandla. Injini kadisili iyi1.5 bese iba namandla ka63 kW. Yize inamandla amancane, izishaya zonke emakhanda ngetorque ka200Nm. Idisili ibuye idlise kokudla kancane udisili yize nazo lezi zikapetrol kuthiwa azilumi ephaketheni uma sekuthelwa. AmaNP200 atholakala ngemanual kuphela.

    Ngaphambili yize iNP200 ihlala abantu ababili, umshayeli nomgibeli bahlala benethezeke. Ngemuva kwezihlalo iNP200 inesikhala sokufaka izimpahla esanele ukufaka isikhwama esikhudlwana. Uma kuyimoto oyisebenzisela umsebenzi, ibhokisi lamathuluzi lingahlala kahle. INP200 lena ebesihamba ngayo okuyi1.5 dCi High inamawindi kagesi, izibuko ezilungiswa ngogesi kanye neradio enebluetooth. Asiyithakaselanga indawo okubekwe kuyona izinkinobho zokuvula amawindi nokho. Zibekwe phaphi kwegiya, okwenza kubenzinyana ukuzisebenzisa.

    Ungadideki iNP200 iyawazi umsebenzi wayo. Lena ebesihamba ngayo siyisebenzise ukuthwala amaphalethi ayisithupha. Iwathwale ngaphandle kokunanaza. Eyethu ibifakwe irubha emunyama eyenzelwe ukuthwala izinto ezinjengamaphalelithi kungayilimazi.
    INP200 iwundabuzekwayo nasekhuphepheni. INP200 1.5 kadisili lena ebesihamba ngayo inezikhwama zomoya ezivikelanayo umu uba sengozini. Iphinde futhi ibe namableki angazikhiyi (ABS) uma usengozini okwenza amathuba akho okukwazi ukuzikhipha otakwini ande. AbakwaNissan bathi izigebengu azikhohlwe ukuthatha lemoto ngoba ukhiye ufakwe ichip eyenza injini yazi ukuthi imoto isetshenziswa nguwe.

    Abiza kanjena amaNP200:
    NP200 1.6 8V Base isukelakuR164,900
    NP200 1.6 8V Base A/C + Safety Pack isukelakuR182,500
    NP200 1.6 16V Mid Dual Airbags isukelakuR194,900
    NP200 1.6 16V High isukelakuR225,400
    NP200 1.5dCi Base A/C + Safety isukelakuR228,500
    NP200 1.5dCi High isukelakuR247,500

    Categories: Car Reviews, featured  /  Tags: NP200 Imoto Izimoto
  • Comment

  • Leave a comment Cancel

    Leave a comment
  • Comment

  • Next articleWe visit Stuttgart for the Sprinter Innovation Campus

    Recently we visited Stuttgart to attend the Sprinter Innovation Campus (SIC). This is where...

  • Previous articleWe join Jason Mayo for the Review of the Land Rover Discovery

    https://www.youtube.com/watch?v=o1-s4tnV-kg By Jason “The Bok” Mayo of Technobok The ...

  • More & Related Articles

    We visit Scuderia Ferrari South Africa

    We drive Audi’s potent Q5 Sportback 45 TFSI S line

    By Otsile Kadiege In recent times, most modern cars are hard to fault and such is the case with the new Audi Q5 Sportback. After recently having a...

    Launched: Totally Ungovernable All New BMWX2

    You think outside of the box, you are sooo different, we don’t get you, you are on your own mission, you don’t conform, basically you are TOTALLY UNGOVERNABLE!...

    Audi e-tron GT wins big at 2022 World Car Awards

    By Otsile Kadiege Audi’s e-tron GT quattro won a prestigious award at this year’s World Car Awards, dubbed the “Oscars of the automotive world”, which have been presented...

    2020 Bentley Flying Spur breaks cover

    By Staff Reporter The 2020 Bentley Flying Spur has been revealed to the world and the configurator has gone live, and you can build your own. The magnificent...

    Chery Tiggo 7 Pro SUV coming to Mzansi

    By Otsile Kadiege Shortly after launching their flagship Tiggo 8 Pro, Chery are now gearing up for the local introduction of yet another SUV which slots in above...

    Citroën South Africa releases updated C3 details

    By Otsile Kadiege The refreshed C3 comprises of two derivatives, namely Pure Tech Feel and Pure Tech Shine. The former is powered by a 1.2-litre engine producing 60...

    Isuzu mu-X adventure by video

    Day one 1/3 On Friday we took out on an adventure. See what we got up to. #isuzumuxadventure #isuzu #mux #instatravel #adventurecalls @isuzusa 🎥 @benjaminthecreative A post shared...

    COVID-19

    STAY INFORMED ABOUT THE CURRENT CORONAVIRUS IN SOUTH AFRICA AND VISIT THE OFFICIAL COVID-19 WEBSITE: WWW.SACORONAVIRUS.CO.ZA


    © 2023 Khulekani On Wheels - Managed by Tech Matters