Sishayela i-Volvo XC40
By khulekani / on October 14th, 2018 / in Car Reviews, featuredI-XC40 ibonakala ibe yimoto ezitholele udumo kalula emhlabeni wonke lokhu kuze kwabonakala nase-Ningizimu Afrika. EYurophu inqobe umklomelo weMoto Yonyaka ka-2018 ohloniphekile kanye neminye imiklomelo eminingi emhlabeni jikelele. Lolu dumo lwenze ukuthi lapha eNingizimu Afrika amaVolvo XC40 athengiswa masinyane. Lokhu kwenza abakwa Volvo South Africa bacele ezinye izimoto kwelomkhulu eSwideni ukuze bemelene nezidingo zamakhasimende afuna ukuthenga i-XC40. Ukuphumelela kwe-XC40 kusenza singafisi ukuba abahluleli beMoto Yonyaka lapha eNingizimu Afrika. Izimoto ezibangayo zizobe zisondelene kakhulu. Bheka nje futhi iXC40 ingaze izithole ibanga neXC60 yakubo. Nokho okwamanje, asibuyele kwiXC40, enhle kakhulu.
Ngaphandle nangaphakathi
Ngaphandle, i-XC40 ibukeka njenga manye amaVolvo amuva nje ngobuhle.Ngaphambili isho ngegrille enkulu enebheji lakwaVolvo. Izibani ezimise kukaT olele zakwaVolvo ze-LED zikhona naku-XC40. Eceleni ithe ukuhluka kancane iXC40 kunamanye amaSUV akwaVolvo. Umnyango Wangemuva ubukeka ngathi unyukela kwiD-Pillar, lokhu kwenza i-XC40 ibukeke inkulu. Izibani zangemuva zinde ngenhla bese zithi ukwanda eceleni ngezansi okwenza iXC40 ibukeke inkulu nangemuva.
Ingaphakathi lihlelwe kahle futhi lakhiwe kahle. Izinto zeqophele eliphezulu izona kuphela ezitholakala kwiXC40. Negiya leXC40 lizehlukele. Nokho ngaphakathi, iXC40 ihlelwe njengamanye amaVolvo asho ngobuhle obuthandekayo. Uma uzithola ungaphakathi kweXC40, ngeke ungayiboni iSensus Connect enama intshi awu9 futhi ecofekayo kwiskrini sayo.
Into echaza kakhulu ngengaphakathi le-XC40 ukuthi likhulu okwenza wenethezeke. Kunendawo yokuhlala abantu abadala abahlanu. Kukhona nezindawo eziningi zokugcina izinto. Esikhaleni esisemnyango, ungakwazi ngisho ukukubeka ilaptop encane, isikhwama noma ibhodlela lokuphuza amanzi elikhulu. Ibhuthi inkulu ngalitha angu-460 okufaka izimphahla. Lokhu kusho ukuthi ungakwazi ukufaka izikwama eziningana uma unendela. Uma ulalisa izitulo indawo yokufaka izimpahla iyanda ifike ku-1,336 wamalitha. Lokhu kwenza ukuthi ukwazi ngisho ukufaka ibhayisekili njengoba senzile muva nje mhla sineXC40. Liyathokozisa nefasitela elikhulu laphezulu leXC40. Libanzi lenza kubengathi ubamhamba ngesilahla mathende.
Ukuphepha
Okunye okubalulekile ngeXC40 ukuphepha kwayo. AbakwaVolvo bayifake icruise control ekwazi ukwezihlisela futhi izenyusele yona isivinini ngokulandela indlela imoto ephambi kwayo eshayelwa ngayo, lokhu kwenza uvike ingozi. Uzothi usajatshulwise yilokho, bese uchazwa ukuthi icishe izishayela yona lemoto kuze kufike kwisivinini sika140 km/h. Lokhu kucishe kuzishayele khona kubizwa nge Pilot Assist. Nokho, kulindeleke ukuthi izandla uzibeke kwisitelingi uma izishayela yona imoto kuze kuqikelelwe ukuphepha. Ezinye izinto ezisiza umshayeli ukuthi imoto ibheka iblind spot futhi itshele umshayeli uma ephuma emgwaqeni.
Ukushayeleka kwayo
Ngichithe izinsuku ezingu-7 ne-XC40 T5 R-Design eno185 kW/350 Nm wamandla ovela enjinini eyi2.0 litre enethebho. Abakwa Volvo bathi isuka 0-100 km/h kumasekhondi angu-6.4. Lamandla uwezwa isasuka nje i-XC40. Ayibambeki kuthele wayeka. I-XC40 isekhaya ezindaweni zasemadolobheni ngenxa yosayizi wayo owenza ukuthi kunganakeki ukuthi usemotweni enkulu. Kanti futhi ngeke ubone ngathi ulahliwe uma uzithola ushayela obhuqwini ngoba inenkinobho eyenza ukwazi ukushayela kulezo zindawo. I-Volvo ithembisa ukusetshenziswa kuka phethiloli lenani ewu-7.2l/100 km kodwa ungazithola ufinyelela ku-9.5l/100 km ngenxa yomadla ayo kanye nesisindo sayo. Uma lokhu kuyinkinga nokho ikhona iVolvo XC40 D4 kadizeli enamandla awu140 kW/400 Nm i-turbo-diesel D4.